untitled –

Ubhuti bamuthathile izolo

ngaphambu kwenhlanvu yokugcina yelanga,

umpande nondima bekwinkonzo yokugida umhlanga

ubesexhiza igazi bemu xhixha ngesduna sesbhamu,

lopha ikhanda,

won’ usathane seboyomlanda ngehlamvu

ugogo agaye amakhambi

aphendle indlela yomhambi…

 

Izolo beliduma izulu kwehla uzamcolo,

izigodi zagcwala isililo

kwalahleka amasiko

ushaka wayeshilo

wathi leli liyophathwa ngodlebe zikhanya ilanga,

kodwa ukuphi mntomnyama,

baphi obhambatha kamancinza,

bhambatha imihlane yamadoda,

ubheshu libomvu liyazenza izindaba,

umanzi amnyama elangeni,

phuma langa sikothe,

kade sikothela kude.

 

Vuka mpande emnyama

dwala lami uhambe nami

sibheke emusamu

 

-Luyanda Ndlovu

13423912_477705192429171_9181182807387196761_n.jpg